Dube, Ngcobo, Dlodlo, Nzimande

Ngcobo
Mapholoba, Nyuswa, Fuze, Mavela, Mafuzafulele njegefu lemvula,
Mashiyamahle sengathi azoshumayela, Mavulankungu kuvelilanga, Sididane, Ngongoma, Maqadi amakhulu, Mbili

Dube
Mbuyazi, Lushozi, Mafukuzela, Nyamazane, Nzwakele, Mbuyisa, Gobhozi, Nyuswa, Ngcobo, Fuze, Mapholoba, Ama-Qadi

Abakwa Dube nabakwa Ngcobo abantu banye.

Dlodlo
Mabanga, Mtingi, Bangile, Bhengela, Mthiyane

Duma/Dumisa
Ntenga, Mthombeni, Walaza, Dlangisa, Gcwensa, Ndimande, Mvula

Nzimande
Mphephethwa, Mdluli, Mdlobhiya, Mangcamane, Ngwekazi, Gwala, Mancama, Vilakazi

Dumakude
Shange

Nzimase
Sishi

Goba
Jangaza

Ntshalintshali
Phathwayo

Gwagwa
Mlambo, Qunga

Gwamanda
Yenga, Sochumase

Jwaha/Jwara
Mbelwa, Mnangwe, Sjekula, Gubeshe, Theleza, Lenge, Ndawonde

53 thoughts on “Dube, Ngcobo, Dlodlo, Nzimande

    1. Khehla
      Thanx for your comment.
      Iya ku ‘search box’ and search ‘Ngcobo’ ufunde ama ‘result’ azovela uzobe sewuthola ulwazi olwengeziwe.
      If u use a mobile phone just click at ‘view full site’ ngezansi uzothola i ‘search box’.

      Mbatastan

    2. Sibusiso Dube

      We Khehla Dube, kufanele umangale. AbakwaDube abahlangene futhi abahlobene nabakwa Ngcobo. Ayikabi kumhleli walesisigungu, kodwa masikulungise lokhu. Abaningi badidwa u Solwazi ongu John Langalibalele Dube. Ngiyayengibone nje noma bethi babhala izithakazelo zakwa Dube sebethi Langalibalele Mafukuzela abanye baze bafake oMgazi no Mkwayiba amaQadi. Kafuphi uJohn Langalibalele akusiyena owakwa Dube kodwa owakwa Ngcobo. Wenzw njengama Xhosa wathatha igama likayise elalithi Dube walenza isibongo sakhe, angazuike wayekwenzelani lokho, ukuba usekhona ngabe sengambuza ngoba lokhu sekudukisa abantu abaningi. Ayikabi!!

      1. Khehla Dube

        Wayichaza yezwakala bafo.Lento iyasidida, mina nje nginezingane kwaNgcobo manje besengixakekile ngalokhu ukuthi kuvelaphi ngoba nabadala bayakuphika

      2. Simphiwe I Dube

        ngicela ukwazi ngezithakazelo zakwaDube ngoba ngikhulele kumama sebahlukana no baba! ngiyengibe abafowethu bethi…Dube Elimthente Nyamazane Mtima…kepha uma ngifunda zalana ku Internet ziyaphikisa ngicela uncedo

      1. Absalom Nkosinathi Ntshalintshali

        Ntshalintshali, Mkhulwane,Mnguni,Zide Kayanga wena wazala uMnguni,uMnguni wazala Uthandeka kamashobane Mnshongolo

  1. Fuze Elihle

    Mina ngokwazi kwami abantu bakwaNgcobo abahlobene noDube (Mbuyazi). Kunekhehla lasebkhosini bakith emaQadini elalinegama elithi Dube, leli elizala uMafukuzela J L Dube, Umafukuzela wathi eyofunda phesheya waybiza ngegama likayise uDube, JL kaDube kaDabeka kaBhebhe kaSilwane( amakhosi asakhothama asemaQadini lawa). Ngaleyondlela uMbuyazi neQadi abahlobene kodwa loDube oyiQadi igama lomuntu hhayi isbongo. *subject to correction*

  2. Fuze Elihle and Sibusiso Dube:

    Ngiyabonga izilungiso (corrections) zenu. Akusho nami ukuthi ngazi konke ngalezizibongo kodwa engikubhalile kuba engikuthola kubantu baleso sibongo noma okutholakala esidlangalaleni okuphathelene naleso naleso sibongo.
    Inhloso enkulu yalelikhasi ukuthi angalahleki amagugu ethu futhi bavumelekile abanikazi bezibongo ukugcwalisa lokho abakwaziyo noma ukulungisa amaphutha.
    Ngiyabonga

    Mpikiswano Mbatha

  3. This is a great initiative, mistakes will always be there cos most of our history has always been twisted by those with ulterior motives especially to confuse this great nation.
    Wena qhubeka nomsebenzi omuhle, abanye bayolungisa uma kunesidingo.

    Siyabonga mfo ka Mbatha, ume njalo nje ungadinwa nangomuso.

    1. philangcobo3@gmail.com

      Cha bakwethu u Ngcobo no Dube abahlobene nakancane into edida abantu indaba kaJohn Langalibalele. Ubaba wakhe uDube isibongo sakhe uNgcobo u Dube igama lababa wakhe not ukuthi isibongo
      Sent via my BlackBerry from Vodacom – let your email find you!

    2. eric

      Fuze, it is really good stuff. but please note that abakwa Dube are not related to Ngcobo at all except the children of John Langalibalele Mafukuzela Dube. When he went overseas he used his name “Dube” as his surname, no one understands why he did that. and since then people thought Dube and Ngcobo are related.

  4. Wandile Dube

    I believe we have more or less the same information and different ways of interpreting it. U Langalibalele Dube njengoba simazi u Langalibalele Ngcobo; uzalwa ebukhosini baseMaqadini. Bakhona oNgcobo bakubo futhi basabizwa ngoNgcobo ngaphandle kwesizukulwane sakhe uLangalibalele asesabizwa ngo Dube. Isibongo sakwaDube sasivele sikhona engakazalwa uLangalibalele – labo abahlobene noNgcobo. Ngyabonga

    1. Zipho Ngcobo

      sengathi uDube ubaba kaJ L wayezalwa kuNdlunkulu amaQadi kuyindlu encane eyayingekho elungelweni, kodwa ngoba uDube wathatha inkolo, amaQadi iwona abe eseqhubeka nobukhosi bamaQadi

  5. Cha kuyintokozo ukuzwa izindaba ezimnandi kangaka, ayiphushwe impela le eyokuvuselela amasiko nesibongo kanye nezithakazelo zethu, ngibonga wonke umuntu obambe iqhaza lapha. Sipho Ngcobo

    1. mqondisi Nzmande

      uMDLULI waphuma kwaNZIMANDE uMdluli kakulona igamalo muntu noma lendodana kaNzimande waqhabu ngesinga esenzeka uNzimande/Gwala wasuka e-north-coast ehlaselwa ushaka namabutho akhe walibhekisa e-south-coast kwathi esese south coast engingaka tholi ukuthi mamaphi ne-south-coast bathi akufiwe uma kuwu kuthi yafiwa asisadluli la! kanti noShaka ingenkathi etshela amabutho ukuthi bayeke ngeke sisabafica. Ila ekwaba nengxenye/indlu eyathi thina ngeke sikwazi ukuhlala lana sizodlula siyofuna indawo phambili esizohlala kuyo kwabe sekuthiwa dlulani seningabakwa-MDLULI ngiyathemba kuyacaca mphephethe

  6. Vusi Ngcobo

    Kungithokozisile ukufunda nokwazi ukuthi kanti kukhona okwethu nathi lapha kwa technology yamanje.Phambili ma Afrika amahle.Vusi Victor Ngcobo ozalwa kwaDube.

    1. Siyabonga kusekuningi okufanele kulungiswe lapha embhalweni ngiyacela lapha ohlangothini lwakithi ko Ngcobo kufike kulahleke okunye kugcine engasaqhamuki ukhokho wakho bese sesiyalahleka
      Mina engikucelayo kulendu ka Dabeka ngoba umkhulu owakuloyondlu. Ukuthi kenicaze lapho zonke ingane zaleyondlu

  7. Njabulo Ngcobo

    Impela u John Langalibalele Dube wabe engowakwa Ngcobo ngesibongo, kodwa lokhu akuchazi ukuthi abantu bakwaDube abahlobene noNgcobo! Ngoba vele ngoko mlando abantu bakwa Dube bazalwa nguDabeka Ngcobo…lokhu ke kube sekuphendula ukuthi kungani uJohn Langalibale akhetha lesi sibongo kumbe kungani uyise wayeqanjwe ngoDube( okungenzeka ukuthi bona bayisizukulwane sikaDube ongowakwa Ngcobo) akusiyo ke inkinga ukuthi unengane kwangcobo ube ungowakwa Dube ngoba vele isihlobo esikude..kant futh oNgcobo bayaziwa ngoku ganana bodwa

    1. UDr J L Dube uzalwa ubukhosini basemaQadini futhi wayezoba enye yamakhosi akhona. Ngenxa yokukhosela ngaphansi kwamaMissionaries eAmerican Board futhi ethanda imfundo kakhulu kwafika ekutheni aze ayofundela ubudokotela eAmerica ngesandla sayo iAmerican Board. Ekubhaliseni amaMelikana abanenkinga yokuphimisela isibongo sakwaNgcobo base becela ukuthi angesebenzise yini elinye lamagama elisemndenini, wabe esekhetha elikayisemkhulu uDube (kaSilwane) okwakuyigama hhayi isibongo, owazala uDabeka yena owazala uMqhawe. Wachuma kanjaloke uDube emndenini kaMafukuzela onjengezulu. Akayena uDube Mbuyazi, Nzwakele, Khushwayo

  8. EsiZulwini amakhosikazi abanamagama mathathu kuphela. YiNdlunkulu, yiKhohlwa kanye neQadi. AmaQadi aphuma endlini yentadokazi yikho ebizwa kanjalo. Akusona isithakazelo, iNdlunkulu yamaNgcobo amaNyuswa abeKhohlwa kube amaNgongoma bese kugcina amaQadi. Kodwa oNgcobo bonke behlukene ngezisu isende linye. Sesingaya emlandweni ke ukuthi baqembuka kanjani kwaZulu

    1. Nduduzo Ngcobo

      Wabeka Jabulani kodwa ikhohlwa oFuze ayi amaNgongoma, UNgcobo wazala uDingile wazala uNyuswa,uZonca, UGasela, uNombika,uXhonxo kanye noNgothoma.
      AmaNgongoma azalwa endlini kaNombika, kanti amaQadi azalwa endlini kaNgothoma bese kuthi (ikhohlwa) oFuze bazalwa kuXhonxo. Ndudzo Ngcobo

      1. Bhek'uMngani Ngcobo

        Wena kaVumizitha, lomlando wezindlu ume njengoba usho. Cha kuhle ukwelulekana lapho sisala khona, mina ngiphuma kulendlu yeKhohlwa( AmaFuze).

  9. Makhosy

    Ngicela onolwazi angsize. Ngabe u Mthiyane u Sokhulu no Skhangane bahlukene yini. Uma behlukene bobabili bazihlobo yini Kwa Dlodlo.

    Ngyabonga

  10. Vusumuzi Victor Ngcobo

    Mina ngibiza isibongo sakomalume kwaNgcobo ubaba wami kuthiwa owakwa Dube ngidinga incazelo ecacile nokuyiyonayona ngokuhlobana kwalababantu.Ngicela nosolwazi abanje ngo Dr VVO Mkhize basisize ngoba bayajula kakhulu ngocwaningo.
    Ngiyabonga zihlobo uMvelinqali anikhusele.

  11. sandile

    Bafowethu ngicela ningisize, ekhaya kithi kwa Ngcobo bahlala bengitshela ukuthi kukhona oFuze nabo Mapholoba kwaNgcobo bese ngyadideka ngoba ngihlala ngizitshela ukuthi abantu ababodwa. Sandile Ngcobo

  12. Nduduzo Ngcobo

    Sandile uqinisile abantu ababodwa vele, UNgcobo yena uzale uDingile, uDingile uzale amadodana amabili, oNyuswa kanye noZonca. UNyiswa yena uzale uYemesi, kwathi uZonca yena wazala uMaguya. Kuthiwa uYemesi katholanga ndlalifa, kwase kuthi uMaguya wasendlini encane wangena umkaYemesi ukuze amzalele indlalifa. Nempela wazala uMbhele, yena wazala uMapholoba wodumo lwakwaNgcobo.

  13. Ntombizile Dube

    Ngicela ukubuza ukuthi,ziyizo kale yeni lezizithakazelo zakwaDube?
    Dube,
    Nzwakele
    Maqhama,ehlezi e’skhwebezini
    mbuyazi .
    Akathekeli
    kubafokazane,mgininindi
    owaginininda inkomo ngezandla goba abafokazana benqaba ,nesqindi….

  14. Elihle Ngcobo

    Besengididekile kakhulu ngoba umama wami owakwaDube wagana kwaNgcobo sengithi babeyizihlobo ngiyabonga kocacisile wathi uDube kwakuyigama likaNgcobo hayi isbongo, oGasela bona bangena kanjani ngoba sengibona kukhona uGasela owayezalwa wuNgcobo ugogo wami wakwaGasela washada kwaNgcobo kungenzeka yini ukuthi uGasela wayesebenzise igama njengesbongo ngicela ningicacisele

  15. Msizi Dube

    Abantu ngicela bengadidanisi izithakazelo zakwaDube ngokuba bezixube nomlando ka John langa libalele Dube nokuhlobana kwakhe namaQadi lokho akuhlangene noDube akungaDukiswa umlando wakwaDube plz yanicela

Leave a reply to Sizwesenkosi M Ngcobo Cancel reply