Abantua bakwa Mthethwa bangama Lala-Nguni bazinze ezindaweni zako Mpangeni nase Mtubatuba, Showe, Richards Bay. Inkosi yabo eyaduma kakhulu u Godongwane owagcinwa ebizwa ngo Dingiswayo. Nguye owamukela uShaka futhi wamfundisa namacebo okulwa. Isizwe sakwa Zulu sabe singaphansi kwesizwe sakwa Mthethwa ngeminyaka yo 1700.
Nanka amakhosi aziwayo akwa Mthethwa ngo:
1753———-Xaba
1771———-Madago
1789———-Khali
1807———-Jobe
1816———-Mawewe
1818———-Godongwane/Dingiswayo
1824———-Somveli
Ukusuka lapho babe sebengena ngaphansi kombuso wesizwe sakwa Zulu emva kokuba uShaka esisimamisile.
Izibongo zakwa Mthethwa
Nyambose, Xaba, Jobe, Magaga, Thulisa, Nkonyane ye Nkosi, Hlangalezwe, Dingiswayo, Madagu, Nkomo, Khubaze, Khali, Magezangobisi, Nzimezimnyama, Geza, Jakada, Maphoswa, Mazilwa, Mbolwane, Shwabade, Nonkosi, Mlandela…
Mina ngingowaka Ntshakala ngazi ukuth singabakwa Mthethwa kodwa asbalwa cela ongachaza plz
Manyambose amahle, ndiyavuya ukuba ideyavela iinto efana nale kuthethwa ngayo apha. Thina sesaqala singo Dingiswayo phaa eNqamakwe ukudibana kanye ngoAugust ngomlando wokwakha ikhakha lethu. Oku kuchumekeke kwizinto ezifana neTourist Atraction sites, amakhambi wesintu, ukwakha iindlela nezikole, unyusa ibursary scheme ngaphantsi kwe Dingiswayo Dynasty Foundation.
Inhloso yakonke sikwenzayo kukwakha nokuqokelela isidima sethu singabantu namakhosi angasenawo umhlaba. Umanyano lwethu sisonke, kulo lonke izwe le Africa kubaluleke kakhulu ikakhulukazi ngalamaxhesha siphila kuwo. Makungabi iinto yomtu ngamnye noma leyizo thandabuzana nokuthi ubani uthetha uluphi ulwimi okanye ubani umdala kwabanye ngokuzalwa. Makube iinto exhomekeke ekwakheni!
Phambile Manyambose Amahle!
Ca kona kuhle ukubonisa ngokuhlephulelana imvelaphi yethu. Mina ngingu Mthethwa, ngiyafisa ukwazi ukuthi ngubani inkosi yakwa Mthethwa njengamanje nokuthi kuxhunyanwa kanjani nabasebukhosini bakaMthethwa. Tx khetho
Ngithanda ukwazi ngemvelo yami.kudala sibizwa ngesibongo esingasiso.kanti osidabulayo unowakomthethwa.wabaleka Ngenxa yezimpi Ngesikhathi sabo dingiswayo. Thina singabe 4rh genaration.
Check my eme
Ukuphi wena ndoda xhumana nathi silana kwaMthethwa Isaac Mthethwa 0829564386
Nikuphi nendawo Remington iningi labantu ababalekayo bakwaMthethwa ngabendlu yakwethu okuyindlu enkulu kwaMthethwa (kaDingiswayo) singajabula ukuxhumana nani baThethwa
Contact 0725731414
Eyi mina ngyadideka ngowaka Mpanza but ngithanda kaMthethwa manje ngyathola kuthi saphuma khona nathi kanye noMasondo angsazi ke manje sengithanda umfwethu noma cha senganyamezela ngithule kodwa nembeza yangidla
UMpanza ungomunye wamadodana kaMthethwa.
Cha ngiyabonga mina nami sengazi okuningi
UXaba uphuma kithi kwa Msimango as far as i know kwabakhona ingxabano emndenini idalwa nguye uxaba kwaze kwathiwa umxabanisi wagcina exoshiwe wayovusa indlu yakhe ingakho naye ezibiza ngo Nonkosi,mlotshwa okuyithi labo oThabizolo abalala bethabile bavuka bengathabanga
Konke lokhu okushiwo ngenhla ngo Xaba kwenzeka emvakokuthi esephumile eMasimangweni.
I am a Nyoni from LiZulu in Malawi but based in Zimbabwe. I am told we went to LiZulu under the Chieftainship KaZintonga Maseko. Can i be enlighten on the events that took place.
Qela ningisize ngesakwa Ntshakala ngiyabona siyavela kwa Mthethwa. U Ntshakala uthakazelwa athiweni yena?
I wish i can know more about the Mthethwa history.
Sanbona, mina ngigane kwaMthethwa. Ngcela ningicacisele ngabe uKhubase okanye Khubaze?
mine isn’t a comment but would like your assistance I am Nyoni from Ntcheu Malawi under Chief Zintonga Gomani Maseko. I understand I am originally a Mthethwa who flea from Shaka. Can someone expand or dismiss the notion. I need to know.
As a member of the Mthethwa clan in Zimbabwe I have often heard some people of the Nyoni surname say that they connected somehow to Mthethwa people. So I am interested in the reply to Yakobe Mbewe.
Mina ngiwakwa Mthethwa Talent Nhlanhla kepha angazi kahle ngifisa sengathi abakwaMthethwa bahlangane sizothola imvelaphi yethu
Pingback: Best 9 Mthethwa Izithakazelo Zakwa Mthethwa - Ôn Thi HSG