Izithakazelo zakwa Ngwenya

Izithakazelo zakwa Ngwenya

Mtimande
Bhambolunye zingabambili zobe zifuze ekhaya konyoko
Somuhle
Ngenela
Mthiyane

Want a t-shirt or hoodie with your clans?
click here to make your order via Whatsapp

Izithakazelo zakwa Mzobe | Mzobe clan names

Izithakazelo zakwa Mzobe | Mzobe clan names

Mzobe,
Ngcolwane,
Phohla,
Walawala,
Khinibe,
Hlekani ,
Nongoza omuhle,
Jojwane,
Bhidi,
Malala,
Zembe libomvu,
Majilane
sombude,
inyoni ephuza kwezinde iziziba, ithi iyaphuza kwesifishanelinqundeke umlomo,
wena owafundis’abant’uk’hleka bengakwazi bethi amazinyo zingcili,
u thangana,
welinjani,
fundisa,
lamula…
nina bakantinta,
nina bakabonisa ,
fundisa,
umlenze bomvu yommbili,
unombika.
uthongola ngesithodlwana,
nina enathenga ulaka ngethole.
udlangamandla,
usambula nkungu kuvele ilanga:
umnisi wemvula,
khumbuza,
nina basemvuleni,
phela thina sancengwa inkosi udumehlezi ukuthi sinise imvula, ngoba sasigcono. sisengcono namanje;
singojokozela,
ndinisa,
nina enakhishwa ngenoni emgodini,
nongoza omuhle,
malala nomunwe endunu…….wavuka kwachins’ilanga
nina bakamlamula nkunzi, ziyeke zibulalane……
sojoli
qhudeni
nina bakanomaphela
nyanga kayidl’umuntu imudla ngoba eseyinyathele
umaqabul’intombi isal’imamatheka
nina bakasonyangisa,
baka nongameyana,
baka nodlulayihlinzwa,
nina baka qgam njengamalangabi,
nina baka xoki, baka ndukembana
baka ncaphayi unogwaja ovikel ikhanda kuphela.

Want a t-shirt or hoodie with your clans?
click here to make your order via Whatsapp

Izithakazelo ZakwaMyeni

Izithakazelo ZakwaMyeni

Want a t-shirt or hoodie with your clans?
click here to make your order via Whatsapp

Mdolomba
Mzukase,
Mnguni wasenhla
Wena waseNingizimu
Mabasendleleni zombili, enye ngeyokuya , enye ngeyokubuya
Gwebeshomnyama ,ophuza amanzi okuhlalelwa
Wena owabalekela insingizi ngokusindela uthi silwane
Mdlomba kaDuma
Wena ongengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlala
Ngwenya kaMalambe
Mzimela
Mziyankatha

Izithakazelo ZakwaMbatha

Izithakazelo ZakwaMbatha

Want a t-shirt or hoodie with your clans?
click here to make your order via Whatsapp

Mbatha, Shandu ka Ndaba;
Gumbi Lamagwala; Sontshikazi,
Mthiya othiya ngenkomo abafokazane bethiya ngamahlahla;
Ndabezitha!

U Shandu ubengengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyenela;
Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa;
Mazalankosi;
Mavungama;
Mathabathanyawo;
Makhabaluthuli;
Makhubanothuli;

Nina be Nyathi emnyama ka Nsele;
UShandu owalima insimu eyilimela izinyoni;
Zase zimbonga zathi tshiyo…tshiyo…tshiyo!

Ubhabha ku Gwaza;
UNkentenkente olwakhela izintaba zase Nhlazatshe;
Kwaze kwaphuma abafazi bengabhincile bathi;
Ingabe lolu Nkentenkente lunkenteza lwenzani;

UShandu ongayimbathi ingubo, oyimbatha ngokusibekela kwe Langa;
UShandu omuhle ngamazinyo akhe;
Wavala nge hhemu emizini yamadoda;
Uzihlabathi zolwandle;
Ebe emkhulu engange Zulu;

Wena ka Magizagiza;
Mlamlankunzi zidedele zibulalane;
Shandu uyinkosi eyabonwa nawu siShaka ka Senzangakhona;
Yena abathi uShaka akashayeki;
Wathi Shandu ka Ndaba uyi Nkosi,
Futhi uyohlala uyi Nkosi;
Ndaba ko Mkhulu!
Wo! Nyathi!

Mbeje, Mndaba, Mlotsha;
Magwaza aphindelele njenge Zulu;
Mavungama owavungamela uMvelase evela eNyandeni;

Dladla, Mpembe, Gadlela, Mhlophe, Dwala;
Mgabadeli ngokugabadela izinkomo zama doda;
Mgabadeli ngokugabadela inkundla kwa Bulawayo;

Mbatha wena owambatha isikhumba senyathi uZulu esahambaze!
Wena owaba ngu Ndabezitha kuqala;
Baze bazama ukuthatha izibongo zakho ngamaqhinga!
Wasala uzisebenzisa njengoba usazisebenzisa namanje;

Ndabezitha!
Ndaba ko Mkhulu!