(Velaphi Ndlukayise Khumalo)
Abakwa Khumalo, Mabaso no Nkosi bazalwa ngu Mntungwa ka Mbulazi. U Mabaso wabe emdala.
U Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi wazala uMkhatshwa owazala uZikode owazala u Gasa no Mashobane.
U Zikode wazala uMagugu, Donda, Siwela owazala uMlotshwa.
U Magugu wazala uNkonyeni owazala uMtekuza owazala uMazungezi yena owazala uMandlalela.
U Mashobane wazala uMzilikazi.
U Mzilikazi wazala uMangwana no Nkulumane owazala u Nokhenke owazala uNdlukayise owazala u Velaphi John Nombengula Thobela.
Nansi enye inzalo yakwa Khumalo:
Ndabezitha, Mashobane, Mzilikazi, Ngonyama, Nyandeni, Khukhuza, Ngwadla, Maweni, Macala, Zwangendaba, Msweli, Seni, Mbawu, Phungaza, Gwamanda, Muthwa, Mbulazi, Khulu, Zikode, Gawozi, Bheje, Nyathikazi, Mzazela, Shembe, Lobengula, Gasa, Mkhatshwa, Mawela, Nkomo, Ntokela.
Amanye walamagama agcina eyizibongo kanti amanye agcina engamagama nje.
UNyawose uqhamuku nini pho ku Khumalo???
Thulani le eka Nyawose nami iyangixaka ngoba Uma ngibheka akukho la evela khona sanhlobo.
Sicela u mlando wabantu bakwa Khuzwayo sebephumile kwa Gumede
Sisazowubheka, uzongena masisha kulelikhasi, just follow us ukuze ubone uma sifaka i post entsha.
Mbathastan
Ngicela ukwazi ngabantu backward Simelane
Hi… As far as I know Khuzwayo was Khuzwayo before until they chose someone instead of him so He requested that they allow him to depart and give surname to use,,, several surnames were suggested but he refused all of them and asked that he eats umlenze and left. Later on the palace became empty as He left with an angry cursing and taking out the elders/forefathers outside the palace so the Gumede came about from Idonga tge walls AmaGuma in an ancient Zulu lingo. A lot of names were introduced however remembering that in the ancient times surnames were names and one would never leave his/her roots traditions were highly appreciated. Ai okota boys or amakipkip … This is also available on Youtuube/KholoKhumaloTv. Ho[pe atleast it does show that I tried…
I need information on Ngubeni surname
Sengathi uNyawose uvela kuMntungwa mangibuka mina not kuKhumalo as Khumalo he’s a son of Mntungwa…
Sengathi uNyawose uvela kuMntungwa mangibuka mina not kuKhumalo as Khumalo he’s a son of Mntungwa… Bt akesilindeleni we-T-MAN
CELA UKWAZI UKUTHI KANTI ONYAWOSE AKUBONA YINI ABAKWAMTUNGWA na?
ngicela ningipha izithakazelo zakwa mdluli nemvelaphi yakwa mdluli.
Ngyabonga
ngicela ukwazi ngendabuko yabakwaNkosi ndlangamandla
Ngicela ukwazi kabanzi ngesbongo sakithi (Khuzwayo) esephumile kwabo(Gumede) umlando kaKhuzwayo wona waqhubeka wathini? Ngyabonga.
ngicela ukwaz ukuthi njengoba ngiwu Khumalo angeke ngakwaz ukshadela kwa Mabaso?
Cha mtungwa Ayanda angeke
I would rather differ as Mabaso is referred to as Khulu only that Mabaso changed Surnames when Khulu ka Mbulazi was being attacked … Another explanation is that trouble between siblings and one changed Surname in order to prove something that I never ought to find out but Yes we are related with Khumalo but Mabaso can take from Khumalo and vice versa … It’s only Mbulazi that can not take from both Mabaso and Khumalo
ngicela izithakazelo nomlando wakwa Twala
Mina ngingowaka Khumalo ngfisa ukwazi ukuty ingakanani inkinga njengoba ngithanda kwaNkosi Ndlangamandla.ngabe ubuhlobo bethu busondelene ngalendlela yokuty ngeke ngigane khona ngoba uma ubukisisa kahle kusho ukuty sihlobene sonke uthola isbongo othi wena asisona ishlobo sakho uthole ithakazelo ziyafana nezakho.like mina umama wami owakaLuthuli uMadlanduna uDondaa kanjan photo ngoba ngazi ukuty yithi oDonda please ngsizen
Job khumalo
mntungwa bakwandlangamandla ngabakwa khumalo siyahlobana nabo asithaathani.
Amagama ayafana just like in pour times … However uNkosi ngimazi njengamantungwa amahle because angamabutho kaMbulazi … Donda bahlukene kodwa owakithi uDonda weziziba … Izithakazelo ziyikombamuva noma kombamsamo… they justify the ancient relationshi[ps between these names as they were back then.
ngicela ukubuza ukuth abakwa njoko ngabe bayahlobana yini nabakwa khumalo …ngoba thina sikhule kushiwo njalo…
Ngicela izithakazelo zaka Malevu nomlando wakho ngicela ningisize
Awukwazi ukuganwa kwa Mabaso ngoba umuntu wakini lowo. Uma ukwenza kuyohamba kuhambe kuvele umkhuhlane ezinganeni
Mantungwa amahle nibahle kanti nomlando wethu usho lukhulu
Robs Khumalo
Cha sikhulu isizwe samaNtungwa. Kubalulekile sifundise abantwana bethu ukuze bazi ukuthi asibona abafokazane kanti futhi siyasithela nesibhaxu uma umuntu esicela.
Kuyaye kungiphathe kabuhlungu ukuzwa umuntu ethakazela uGumede noma uQwabe noma uMnguni bese efaka u-“Khuzwayo”. Emlandweni, uKhuzwayo waxoshwa kwaQwabe, ngakho-ke awusoze wathakazela uQwabe nomuntu amxosha. UKhuzwayo yena uyzithakazela ngo-Qwabe.
Ngiyababongela abakwaKHUMALO/MABASO/NKOSI ngemvelaphi yabo.
Ngicela ukwazi izithakazelo zakwa Zondo nemvelaphi yabo
ingabe ukhona yini umehluko phakathi kwa Khumalo no Kumalo? uma ngabe ukhona, bahluke kanjani?
nami ngisabuza umehluko kuKhumalo no Kumalo sizani
Kawukho umehluko phakathi kuka Khumalo no Kumalo. U Kumalo uvezwe ukubhala kwabamhlophe emapasini noma kuma ID. Obabamkhulu ngoba bengaqondi ukuthi kufaneke kube no “h” ku Khumalo. Yinto eyenzekayo nanamhla lokhu yizinhlanga ezingakwazi ukubhala isiZulu.
Ngicela izithakazelo zakwaMntungwa
Ngicela owazi ezakwa MPONTSHANE please izithakazelo
Fr 30yrz ngingazazi kahle izithakazelo zakwaKhumalo ngyabonga boBheje,ngcela ihubo lakwakhumalo from Thangithini Khumalo Npg
Khona lapho ngilahleka khona lana kuMzazelwa ozala uShembe ukuthi kanti Mayekiso noMalobe .UMalobela uyena owaba naMakhosikazi amaningi Waze wanikezwa iNkosikazi yakwa KuBheka .Owazala lendlu mina kwaShembe engiphuma ngaphansi kwayo .Abaningi abakamayekisa baseliSuthu akesiwezane lapho Mthithiya
Mkhatshwa UZalwa kwaKhumalo .Bese ngithi uNxumalo noKhumalo bayazalwa ndawonye kodwa ngisafuna invelaphi .Ngoba yibo abakhela isifunda sakwaNongoma .Indaba yonakale Mangabe uLanga eseganwa uNtombazi ezala uZwide owabe esebiya ngamakhanda amadoda Kanti usezobulala uMashobane
Ngiyasala lapha emlandweni angimuboni uBheje no Ndabezitha : Mduduzi Khumalo eMpungamhlophe
Mina ngisacela izithakazelo zika donsa nhlanzi mtima mzomba sikhakhane.zthin ezinye?ungena kuphi umaphanga uvezi udlabathu plz m so so confused now
UNcala uhlobene kanjani noMntungwa?
Ingathi kuhlezi kuvela okusha,siphuma kude mantungwa amahle.
iam mabaso mntungwa how did we relate with those mabaso chauke or mabasa