Amangwane, Hlongwane, Khanyile

Hlongwane
Sangweni, Ngwane, Masumpa, Ngwadi, Matiwane, Masingasileka,
Nduku Zinobulongwe,
Ngwane ongaweli ngezibuko owela ngezimpambosi zomfula,
Zikhali azilingani nezama xhegwana,
Mdungude, Siyane, Nqobokazi, Songobese, Gwembeshe, Mzamo, Zikhali

Khanyile
Sogoni, Sthopho othi udlinkomo kanti udlimpisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu olwavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithi ukuvuma ukulandula,
Ntunjwa ka Langa,
Mthiyane, Ndwandwe, Zikode, Mabhuqa, Ngwane

Amakhosi Amangwane ngokulandelana:
Somkhabase;
Mafu;
Matiwane;
Ngwadi;
Ndungunye;
Ngwane;
Tshani;
Masumpa;
Zikhali;
Ngwane;
Bambazi;
Ndungunye;
Tshanibezwe;
Maswazi (Ibamba)
Menzi

Ubukhosi
1. Alfred Mzondeni Hlongwane (Bulwer)
2. Mboneni Absolom Mavuso (St. Lucia)
3. Menzi Hlongwane (Bergville)

Other Amangwane are found in Swaziland, Lesotho, Eastern Cape, Free State, Mpumalanga and all over South Afrika, Afrika and the world.

36 thoughts on “Amangwane, Hlongwane, Khanyile

  1. It is incorrect that Mzondeni is iNkosi yamaNgwane in Bulwer. Ubukhosi basemaNgwaneni eBulwer bumi kanje:

    1. Mkhumbeli kaMasumpa (brother to iNkosi Matiwane)
    2. Mboni
    3. Thende
    4. Vasha
    6. Folo (ebambele uMzobe owayesakhuliswa)
    7. Mzobe
    8. Sifiso David Fawu Hlongwane

    1. Sithanda ukubonga kwi Ingwane Phaqa ngokulungisa amaphutha. Lapha siqoqe ulwazi uluku ‘public domain’ with the aim of trying to preserve our African Heritage. We will be very happy if ppl do corrections where we erred.

      Admin.

      1. Thumbu Hlongwane

        Mf2 ngizophawa ngobukhosi ubuseBulwer ngenkath inkosi umatiwane isixakwe impi eyayingasapheli eCape bathi umatiwane wahlehla namabutho akhe,ngenxa yokukhathala kwabanye babantu bakhe,babe sebesala eBulwer,bakhetha omunye wakwaHlongwane,wababusa ukuvikela ukuth umatiwane nayebuya angababulali ngoba babazi ukuth uyinkosi enamandla

      1. Siyambonga Cele

        Ngibona kuhlanganiswe uKhanyile noNdwandwe noZikode noMthiyane noNgwane engabe bonke labantu bahlobene makunjalo bahlobene kanjani

  2. THEMBANI KA-HLONGWANE MNGOMEZULU

    Mina ngizwakalisa ukubonga kakhulu bafowethu ngemfundiso enisipha yona. Thina ekhaya sazalwa siyi s’thupha amantombazana nomfana oyedwa, bashona abazali naye umfethu nentombazana. Manje simantombazane amahlanu. Yasinceda i techno… yasipha nina. Nkulunkulu ngathi anganibusisa ngokuphindiwe. nginomona ngalesi sibongo. HLONGWANE,SANGWENI.

    Nisale neNkosi

  3. Linda Hlongwane

    Mina ngazi ukuthi inkosi uMatiwane wanqunywa ikhanda endaweni namhlanje okuthiwa iMatiwane Skop amamabutho kaShaka ngesikhathi sikaShaka akha umbuso kaZulu.

  4. Thembi Khanyile

    Kuqiniseke kangakanani ukuthi uKhanyile, Ngwane, Hlongwane, Langa babe amadodana ka King Sobhuza I? Ngithola uDlamini eSwazini ethi angaganwa kwaKhanyile ekubeni uKing Sobhuza Ii uzalwa ukaNgwane.

  5. mbheki khanyile

    mina nginguMbheki khanyile ngicela ukubuza ukuthi ngabe abakwaSimelane nabakwaMhlungu bayazalana nabakwaKhanyile or sihlobene ngobuNgwane ?

  6. Kwazi

    thina siyibo Ohlongwane kodwa izithakazelo zethu ziphumekakhulu kunalezo engijwayele ukuzizwa nezisohleni ngenhla. inkinga ukuthi omkhulu basuka kunezimpi eBergiville manje akekho owaziyo ukuthiu sasuka kusiphi isigodi. loko kwenza ukuba kushintshe ngisho izithakazelo mangingasho nje esisodwa siye sithi Hlongwane , muku gqamu……loku kungenza ngingazitholi ngihlobana namanye amangwane ngendlela efanene. sisani kwakungumuphi unyaka wezimpi emangwaneni futhi iziphi mhlawumbe izigodi ezazilwa.

    Kwazi Hlongwane

    1. NdingumXhosa xho ongangxengwanga mna ndingu Hlongwana nam imfolozi ezimnyama nezimhlophe ezawela ulundi kwatsho kwazi ndlela ndlela,osiwela,oozitha,iintlanzi,omasumpa,osangweni,amaswazi

      Celubuza ziyathunge lana ezi ziduko

  7. Gugulethu Mbokazi

    MaZulu amahle, angiqale ngokubonga umthombo wolwazi enithelelana ngawo. Elami igama uGugulethu Mbokazu. Bengicela uma ekhona onolwazi olunzulu ngemvunulo yamaZulu, athi ukushiyelana nami ngokuthi angendlalele yona nangokuhloba kwayo. Ngifisa ukwazi nokuba nesiqiniseko soukthi uma ngithi ibheshu, ngibe ngiqinisekile, izinjobo, njalo, njalo

  8. Nkululeko

    Mangwane amahle Nina baka zikhali ngicela ukubuza kahle akuthiwa masenga asilele umakungukuthiwa masengasileke kuyini ukusileka?

  9. sihle khanyile

    Ngicela ukwazi ukuthi kuliqiniso elingakanani ukuthi imvelaphi yethuu isuka eswazini,futhi kuthiwa babilu abantu abasuka eswazini oyedwa wayeyikholwa omnye tfeyinyanga,bafikela emahlathini ase bergville basebethola amabutho akwaZulu abayisa enkosi bafica kugula indodakazi yayo ,lo owayeyinyanga wakhanyisela inkosi ukuthi yini engasiza indodakazi yayo nangempela yasinda yayisithi inkosi Ukhanyile ngoba ungikhanyisele into ebengngayazi savelakanjalo isiBongo uKhanyile kahlehlekahle uNgwene.ngingabonga mangingakhanyiseleka lapho

  10. Mzi Hlongwane umfana kaMhlezedliwa umzukulu kaNombeswa

    EmaNgwaneni ake ngiphose itshe esivivaneni Ngemicabango engike ngibe nayo uKhanyile ngazi kunguNgwane owakithy menjalo….kodwa ngifike ngiphambanelwe la mese ezithakazela ake sithelelana ngenkezo konokhamba olugcwele ukuze siphunge ngokulingana kwenzakalani ezimpandeni zalesihlahla esinguHlongwane

  11. Frans Prins

    I am an archaeologist/anthropologist based at Howick, KZN. I would like to alert members of the amaZizi clan that it is recently came to my attention that the ancestral graves of the amaZizi are under threat from proposed commercial farm development. These graves, and associated settlement structures, are situated near Colenso in the near vicinity of the Tukela River. They date back to the early 1800’s (if not earlier), and belongs to a time/period of amaZizi settlement of this area before the Mfecane Wars. There is good oral historical evidence by historians such as Bryant, the Stuart Archives, Professor John Wright, and others that this area was inhabited by the amaZizi in the period preceding King Shaka Zulu. According to National Heritage Legislation all developers must make a concerted effort to contact the relevant community or individuals as relating to graves earmarked for exhumation and possible destruction. This has not happened here. In fact, the relevant company called Umhlando (owned by Mr Gavin Anderson) maintain that these graves are older than 100 years and therefore have no community relevance. Should members of the amaZizi ( and other related descendants) wish to stop the exhumation of these graves and allow for traditional custom to be part of the process then please contact me so that I could forward you the relevant background documentation. This is extremely urgent as we are running out of time. In fact, the same company (Umlando) has already exhumed ancestral amaZizi graves in the area in 2010 and he was granted a permit by the local heritage agency to conduct these excavations – again no community involvement took place.

    We can stop the desecration of indigenous community graves – please contact me for more information.

    KIndest Regards
    Frans Prins
    0834739657

  12. ALINDOKUHL'AMANGWANE

    NGIFISA UKWAZI UKUTHI UKHANYILE NO UNDWANDWE UKUTHI BAHLOBENE KANJANI KANYE NO MTHIYANE NGOBA KWIZITHAKAZELO NGIBABONA SEBE VELA.

  13. Thulile

    mina ngiyintokazi engazi ngezimpande zayo Kanye nomlando wayo, kuba inkinga uma bengibuza abantu ngomlando wami, ngiwu Hlongwane Muku Gqamu Tsikila ngike ngisabe nokuzisho ngoba bavele bathi abamazi uHlongwane onjalo so ngike ngithole ukuphoxeka ngaleyondlela

Leave a reply to THEMBANI KA-HLONGWANE MNGOMEZULU Cancel reply